Abanikazi bezitolo zespaza bazonikezwa izimvume zesikhashana besalindele ukuphothulwa kwesimemezelo sokuthi kuzokwenzekani emalokishini.
UNgqongqoshe wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho eGauteng, uLebogang Maile, udalule lokhu ngesikhathi ekhuluma ngeSonto ngokubhaliswa kwezitolo zespaza.
UMaile ukuqinisekisile ukuthi zingaphezu kuka-4,000 izikhungo zokuphatha ukudla kanye nama-tuck shops abhalise ngempumelelo.
Zingaphezu kuka-17,600 izitolo ze-spaza kanye nezindawo zokuphatha ukudla ezifake izicelo zokubhalisa amabhizinisi azo esifundazweni.
Abanikazi bezitolo banikezwe izinyanga ezintathu zokuqinisekisa ukuthotshelwa kwazo zonke izidingo namazinga ezempilo.
UMongameli Cyril Ramaphosa wethula uhlelo lokubhalisa ngonyaka odlule ukuze kuliwe nezifo ezisabalele ngokudla ezidlule kabuhlungu nezimpilo zezingane ezingama-21 ezweni lonke.
Ngesikhathi kuqhubeka isithangami uMaile uveze ukuthi zingaphezu kuka-15 000 ama-tuck shops nezindawo eziphatha ukudla ezingaphumelelanga ezicelweni zabo.
UMaile uphinde wabalula ukuthi ukuhlolwa kwalezi zikhungo kuzoqhubeka naphezu kokudlula komnqamulajuqu.