UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthi ukusebenzisana phakathi kukahulumeni, izinhlaka zomthetho nomphakathi kungasiza ekulweni nobugebengu. UNtuli ubekhuluma engqungqutheleni yezinsuku ezimbili yeCouncil Against Crime eThekwini.
Ubumpofu, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nokungalingani kukhonjwe njengembangela yobugebengu. UNtuli uthi kuyamkhathaza ukuthi iningi lentsha libandakanyeka ezigamekweni zobugebengu.
Ngokwezibalo zobugebengu, kusukela ngoNtulikazi kuya kuSepthemba 2024, iziteshi zamaphoyisa eziyisishiyagalombili KwaZulu-Natal ziphakathi kweziteshi eziphuma phambili ezingu-30 ezinomthelela ebuningini bobugebengu.
Nokho uNtuli uthi ezinye izigaba zobugebengu ziyehla.
“Ngakho-ke sikhathazekile ngesigameko esenzeke muva nje, kodwa ngesikhathi esifanayo siqinisekile ukuthi esikwenzayo kunemiphumela. Ngoba uma kukhulunywa ngokusebenzisana, ukubambisana phakathi kwamaphoyisa nesigungu somphakathi kuba ngcono. Uma kukhulunywa ngezigaba ezithile zobugebengu kuba nokuthuthuka, okukhombisa ukuthi indlela esiyithathayo ithela imiphumela emihle.”