Ucwaningo olwenziwe abeHuman Science Research Council luveza ukuthi isifundazwe iKwazulu Natal ihamba phambili ngenani labantu abaphila nesandulela nculazi kuleli.
iHRSC ikhiphe lezi zindaba ngoMsombuluko kumbiko wayo wocwaningo lweminyaka eyisithupha eyedlule. Lenhlangano ibuye yaveza ukuthi lehlile inani labantu abaphila nesandulela ngculaza kuleli. Lombiko uthi bangu 7.8 million abantu abaphila naleli gciwane kuleli, kanti babengu 7.9 ngonyaka ka 2017 lokhu okukhombisa ukwehla ngo 1.3 %.
Okhulumela lenhlangano kwezempilo uSolwazi Khangelani Zuma uthe izinga lokuthelelana ngalesi sifo liyancipha impela, “Noma iNingizimu Afrika isathathwa njengezwe eliwedlula wonke emhlabeni ngenani labantu abahaqwe yilesi sifo, kodwa kubukeka kuthembisa impela. Zinciphile izingane ezizalwa zinalo, sinciphile futhi nesibalo sabantu ababulawa yilesi sifo ngenxa yemishanguzo etholakala kalula kuleli.” Kuchaza uZuma.
Lenhlangano iphinde yancoma kakhulu ukukhishwa kwemishanguzo ngokushesha ngaphambi kokuthi iCD4 Count yalowo ohaqwe yileli gciwane ize yehle kakhulu idlule ku 500, okudala ukuthi iningi labantu lingabe lisadlula emhlabeni.
Abantu besimame kuseyibona abatheleleka kalula ngaleli gciwane ngoba kuthiwa u 20% wabo uyatheleleka kanti abesilisa bona kube ngu 12%.