Afihlwe ngesizotha amalungu amahlanu eqembu le-MKP ashona engozini enyantisayo yetekisi ngo-Agasti. Inkonzo ibisezinkundleni zemidlalo Emahhashini eWembezi ngomgqibelo mhla ka 23 kuLwezi. UJacob Zuma, umengameli weMKP nowayengumengameli waseNingizimu Afrika, ubehambele lo mngcwabo kanye nabanye abaholi beqembu.
Ingozi yenzeke ngesikhathi abesifazane belibangise eNkandla bevakashele unkosikazi kaZuma, uSizakele Khumalo Zuma. Itekisi igingqike phakathi kweGreytown neNtunjambili, yasha kwashona abesifazane abahlanu endaweni yesigameko. Umlilo wenze kwaba nzima ukukhomba izidumbu. Isisulu sesithupha sashonela esibhedlela kamuva. Umndeni womuntu wesithupha ukhethe ukumngcwaba ngokwehlukana. UZuma ukhulume emngcwabeni ezwakalisa ukushaqeka nokudabuka ngokushona kwemiphefumulo eminingi engozini eyodwa.
UMsholozi uncome omunye wabesifazane ngobuqhawe bakhe. Lona wesifazane wasinda etekisini ebisha kodwa waphindela emuva eyozama ukuhlenga unina nabanye abebevaleleke ngaphakathi. Wakwazi ukuhlenga abanye, kodwa hhayi unina, futhi kamuva washonela esibhedlela. UZuma uthe ukushona kwakhe kwadabukisa kakhulu.
Izidumbu zabashonile zibuyiselwe emindenini yazo ngemuva kokuhlolwa kolibofuzo. UZuma nabanye abaholi be-MKP okuhlanganisa uMnuz Willies Mchunu, Floyd Shivambu, Dkt John Hlophe no-Advocate Busisiwe Mkhwebane bahambele inkonzo yokuhlonipha abesifazane.
Abashonile ngoPhumzile Magubane, Philisiwe Ngwenya, Hlengiwe Chonco, Lindiwe Dube, Lindiwe Mazibuko, noVictoria “Mom Vee” Shelembe. Imindeni yabashonile ithole ukwesekwa ngumphakathi ngalesi sikhathi esinzima.