Kusuke isidumo umphakathi waseMnambithi uthuswa ukusabalala kombutho ‘ongaziwa’ obudlubhe ezamasosha unkanise enkabeni yedolobha nasezindaweni ezakhele idolobha ngoLwesihlanu oluhule.
Abanye bebesola lombutho ngokuthi uthatha ngendlunzula abantu abahlala emgwaqeni nobekungaziwa ukuthi bayiswa kuphi. Leliphephandaba libe seliqala ukulandela loludaba nokuyilapho lithole khona ukuthi iziphathimandla okubalwa kuzo amaphoyisa kanye namakhansela abenalo ulwazi ngalombutho kodwa usomabhizinisi ongathandanga ukudalulwa igama uthe bona njengosomabhizinisi bakulelidolobha yibona ababize lombutho, “Sicele uMntwana Londiwe Ngcamu ukuthi azosilekelela emva kokuthi simbone elekelela abantu abahlala emgwaqeni eThekwini,” kusho losomabhizinisi.
Kanti uMntwana Londiwe Ngcamu, uthe ngaphansi kwenhlangano yakhe i ‘Her Royal Highness Princess Londcare Foundation’, kanye nomakadebona boMkhonto weSizwe (okungelona iqembu lezepolitiki) bathathe igxathu lokuhambela emadolobheni ahlukene ngenhloso yokulwisana nobugebengu kanye nokusiza labo asebephenduke imilutha yezidakamizwa.
“Lelibutho enilibonayo lingaphansi kweNdlunkulu yakwaZulu futhi lathulwa emphakathini ngonyaka ka 2019 yiSilo esikhotheme, wabe eselibiza ngothi ‘Amatoyitoyi’. Lelibutho lasungulelwa ukuvikela uBuholi beNdabuko kanti futhi omunye umsebenzi walelibutho ukuqinisekisa ezokuphepha emphakathini.
Ngenkathi simenywa ngosomabhizinisi ukuthi sizolekela eMnambithi sisukumele phezulu,” kusho uNgcamu.
“Esikuqaphelile ukuthi uma kususwa abantu abahlala emgwaqeni, bayahlukunyezwa bashaywe okuyinto esingahambisani nayo nhlobo ngoba loko akuyixazululi inkinga.
Lezi izingane zethu, siyadinga ukuthola isisombuluko sesikhathi eside kulenkinga. ‘‘Sihlose ukubasiza sibahlumelelise izimilo labo abazimisele ukuthola usizo.”
Uthi emva kokuba bexoxe nabantu abahlala emgwaqeni bathole ukuthi babhekene nezinkinga ezehlukene. Uthi abanye balahlekelwa umsebenzi ngesikhathi se COVID-19 nokwaholela ekutheni bagcine sebengena ekusebenziseni izidakamizwa, abanye bahamba emakhaya emva kokubhekana nokuhlukumezeka okwehlukene.
“Bangaphezu kwe-100 abantu ebesibaqoqe emgwaqeni ngoLwesihlanu, abanye bacele ukukhululwa ngoMgqibelo sabavumela ukuhamba. “Bonke abagcinwe kulendawo bahleli ngokuthada kwabo kungakho abacela ukuhamba sibavumela. Abanye bahambile bayobika emakhaya, babuya nabazali abacele ukuthi sibalekelele,” kusho uNgcamu.
Omunye walabo abathola usizo, uKhulekani Mtshali, waseZakheni kwa E uthe uyalujabulela usizo njengoba eneziqu azithola eUniversity of Johannesburg futhi uzimisela ukuqala kabusha.
Bonke labo abathathwe emgwaqeni kanye namasosha ombutho bahleli ndawonye kwenye yamafemu ePieters Industrial Site. Ngesikhathi lephephandaba lihambe kulendawo lithole kukhona umoya wokuzwana phakathi kwalabo abasizwayo kanye namasosha njengoba bebedlala ndawonye futhi becula ndawonye. “Samukelwe kahle eMnambithi ngosomabhizinisi bakulendawo abasilekelele nangokudla kanye neziphuzo. Sifisa nokudlulisa ukubonga enhlanganweni iAl-Imdaad Foundation ekwazile ukusilekela ngezinye izidingo ngenkathi sicela usizo kubo,” kuphetha uMntwana Londiwe Ngcamu.