Usunike amaphoyisa izinsuku eziyisikhombisa umphakathi waseMoba eMnambthi ukuthi ubophe abantu abathintekayo ekucekelweni phansi kwengqalasizinda yamanzi kuleyandawo.
Ilunga lomphakathi kanye nekhansela laseMoba bavule icala lokucekelwa phansi kwenqqalasizinda kahulumeni namuhla ekuseni.
Ilunga lomphakathi uMnu. Sibusiso “Maliyeqolo” Ngcobo uthi ubenokuzwa umkhandlu uThukela ukhala ngokucekelwa phansi kwengqalasizinda kodwa awukaze abezwe bethi sebevule icala emaphoyiseni kodwa-ke bona eMoba ngeke babuvumele ubugebengu obufuze lobu.
uNgcobo uthi banika amaphiyisa izinsuku eziyisikhombisa ukuthi bafune baphinde babophe abathintekayo ngalobu bugebengu. Uphinde wakhuthaza umphakathi ukuthi uphumele obala ukhulume uma bazi ukuthi obani abagangayo eMoba ngabo amanzi athinta wonke umuntu yikho naye etshele ikhansela ukuthi abayovula icala.
Kanti ikhansela lendawo uMnu. Xolani Kubhela uthi babone izolo ntambama ukuthi indlu yesiphehlimanzi icekelwe phansi kanti lapha eMoba kusene nkinga yamanzi.
Uveze ukuthi lento ibuhlungu ngoba ngenyanga ephelile abesifazane basabisa ngokubhikisha benqunu ngoba amanzi engekho kodwa manje sekulungiswa yona inkinga yamanzi sekucekelwa phansi yona lento elungiswayo.
Ucele umphakathi ukuthi ubambisa e namaphoyisa uma unolwazi awuze ngaphambili ukuze kuzoboshwa abamtu.