iSouth African Police Service (SAPS) iphenya icala lokubulala ngemuva kokulunywa indlebe ngokusolisayo lapho kuhlala khona othisha ngaphakathi eKgololosego Secondary Schoo eFree Statel. Ngesikhathi befika bafice abesifazane abathathu ababikele amaphoyisa ukuthi kunomngani wao odukile abangamtholi ocingweni nokudale ukuthi babize amaphoyisa.
Umufi, ogama lakhe nguMosiwa Tshabagae, utholwe embozwe ngengubo yokulala endlini yakhe. Indawo yesigameko ikhombise amachaphazelo egazi ezindongeni, ibhodlela likabhiya ligcwele igazi, ingilazi ephukile ekhishini, nefasitela lendlu yangasese elivuliwe okukholakala ukuthi bekungenwa ngalo.
Ziningi izinto okubikwa ukuthi zilahlekile, okubalwa amaselula, ilaptop, amakhadi asebhange, okhiye bendlu, izingubo zokugqoka kanye negilosa yesisulu. UTshabagae uhlonzwe njengoseshonile ngabezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko.
Kwavulwa icala lokubamba inkunzi nelokubulala, kwajutshwa uDetective Constable Xolani Ndavuza waseDealesville Detective Services ukuthi ahole uphenyo. Kube sekuthungathwa umsolwa, owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala, waboshwa lapho ehlala khona egqoke izingubo zikamufi. Uphinde watholwa nekhadi lasebhange lesisulu futhi enenxeba elibonakalayo esandleni sakhe. I-laptop yesisulu kanye nejakhethi egcwele igazi kutholwe ngesikhathi kuseshwa.
Umsolwa ubhekene namacala okugebenga umuzi, ukubulala nokutholakala nempahla eyebiwe. Uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseDealesville ngomhla zingama-25 kuMandulo wezi-2024.