Izikhulu zakwa-Eskom eKZN zithi sebeyibuyisele ugesi ezingxenyeni ezintathu kwezine zezindawo ebezithintekile yisimo sezulu esinamandla sangoLwesihlanu. Imvula enamandla neqhwa kushiye imiphakathi eminingi, okuhlanganisa e-Underberg, Pietermaritzburg, Empangeni, naseNewcastle, Ladysmith ingenagesi.
Ochwepheshe bakwa-Eskom baphuthunyiswe kulezi zindawo kodwa abakwazanga ukufinyelela kwezinye izindawo ngenxa yeqhwa elivale ithrafikhi ku-N3 kule mpelasonto.
U-Khanyisa Sihlobo, oyiSikhulu sakwa-Eskom, uthi ukuvulwa kwezimoto emigwaqweni kuye kwasiza ekufinyeleleni kwezinye izindawo ezithintekile.
“Sesiwulungisile ugesi kwezinye izindawo. Siyakwazi ukubona ukuthi kuphi okudinga ukulungiswa, ikakhulukazi lapho esingakafinyeleli khona. Nokho, asikwazi ukusho ukuthi sizoyibuyisela ngokuphelele nini yonke indawo.”
Eskom ithi izindawo ezisadinga usizo zifaka phakathi i-Umngeni, Bulwer, Ixopo, Estcourt, Ladysmith, Colenso, Bergville, Nottingham Road, Mooi River, Umgeni, Kokstad, Underberg, neKamberg.