Owesifazane oneminyaka engu-30 ongowokudabuka ezweni laseNamibia uboshiwe e-OR Tambo International Airport ngenxa yokushushumbisa izidakamizwa. Amaphoyisa athi ufike evela eSão Paulo, eBrazil, wabe esemiswa izikhulu ezibhekele imigwaqo yokungena ezweni. Ngemuva kokuboshwa, wathathwa wayiswa esibhedlela lapho izithombe ze-x-ray zikhombisa ukuthi usegwinye amaphilisi ezidakamizwa zohlobo lwecocain.
Umkhulumeli wamaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, uthe owesifazane lo uthola ukwelashwa esibhedlela ukuze asuse lezi zidakamizwa emzimbeni wakhe. Le nqubo ingathatha usuku olulodwa noma amabili ukuqinisekisa ukuthi zonke izidakamizwa zikhishiwe emzimbeni wakhe.
“Kuze kube manje, usekhishelwe aamaphilisi angaphezu kuka-50,” kusho uMathe.
Lona usolwa wokushushumbisa izidakamizwa oweshumi ukuboshwa esikhumulweni sezindiza ezinyangeni ezimbili ezedlule.