Bakhala ngokuxhashazwa omastende abafundi base Mnambithi Tvet College. Labafundi iningi labo elisuka kwamanye amadoloba nezinye izifundazwe bakhala ngokuthi bahlaliswa ngaba-5 nangaphezulu endlini eyodwa kodwa bakhokhiswe enkulu imali le.
Abanye abafundi (abacele ukufihlwa) bakhulume nezindaba zoThukela News Times bathi bazithola bekhokha ngaphezu kuka R400 umuntu eyedwa endlini eyodwa encanyana bebaningi phakathi.
Bathi bazithola bephoqeleka ukumpintshana ngenxa yokuthi imiqasho imba eqolo ezindaweni ezisondelene nedolobha laph kukhona khona iskole ngoba basuka kude emakhaya.
“Kungagcono uma omastende bengathi mhlambe indlu Ibiza u R1000 bese thina siyahlukaniselana ukuthi sikhipha malini, nokuthi mhlampe okungenani sibe babili noma bathathu endlini. Hhayi lokusiminyanisa bese besiqola”, kusho labafundi.
Bagxeka kakhulu nohulumeni ngokungabenzili izindawo zokuhlala eduze neskole. Ngoba bazithola behlala emalokishini asondelene nedolobha baphinde bahambe ngezinyawo amabanga amade beya eskoleni ekseni nantambama nokubenza babe yizisulu zobugebengu ezindleleni.