Usamangele futhi ukhathazekile umphakathi waseMnambithi emva kokuvela kwabalisa ababili bakulendawo ohlelweni lweDSTV Moja Love oluveza luphinde luvulele amacala abantu abalala nezIngane ezincane.
Loluhlelo olushayelwa nguThemba Nofemele lugasele eMnambithi nalapho liqale lahlasela umlisa obizwe ngelika”Mkhize” kuloluhlelo. Lo mlisa kuthiwa unukubeze ingane yakhe ayizalayo eneminyaka emibili kuphela. Ngokusho kuka nina wengane, washiya lengane noyise nokwathi uma ebuya ingane yakhala ngokuthi kubuhlungu uma ichama, nabe esesola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Unina wale ngane wabe eseyithatha eyihambise komunye umama osekhulile ongumakhelwane ukuze amhlolele yona ukuthi ngabe ayonakele yini. Nokwatholakala ukuthi ngempela ingane inukubeziwe.
Unina wengane uthi wawabikela amaphoyisa amthatha lomlisa kodwa wabuye wabuya. Abohlelo bafike bayivalela ekhoneni lensizwa kodwa yaphika yama ngentaba ithi iyasukelwa, nebala lensizwa ithathiwe yasiwa emaphoyiseni.
Esigamekweni sesibili esenzeke endaweni yaseBhafadi, umlisa oneminyaka engu 27 uthiwa ulala nengane eneminyaka engu-15. Lomlisa kuthiwa akagcini ngokulala nayo kodwa kuthiwa useyifake shi ezidakamizweni. Unina walengane uthi akasakwazi nokuyikhalima lengane ngoba ayisezwa mshini, isha amashushu ngalomlisa. Naye uthathiwe wasiwa emaphoyiseni.
Ilunga lomphakathi waseBhafadi elikhulume naleliphephandaba lithe lena yinto eyejwayelekile kulendawo, “baningi abanye abaganga ngezingane lapha endaweni ukuthi leyonto ayikhulunywa. Nabazali bazo abaningi abazithati izinyathelo nengingazi uuthi kudalwa yini.”