Iqembu loMkhonto weSizwe lithi selifaka amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo ngenhloso yokuvimbela ukuhlala okokuqala kwePhalamende lesikhombisa lentando yabantu. Iqembu eliholwa ngowayengumengameli uJacob Zuma lithi i-Independent Electoral Commission yaqola ukhetho lwango-2024 ivuna i-ANC.
Okhulumela iPhalamende uNhlamulo Ndhlela ukholelwa ukuthi iPhalamende ngeke likwazi ukuhlala okokuqala ngaphandle kweqembu le-MK, elithole izihlalo ezingama-58.
“Sinezikhalo ne-IEC ezingabhekwanga, futhi sibona ukuhlala kwePhalamende njengokungekho emthethweni.
“Kumele kube nokwakheka kwamalungu ePhalamende.”
Usola ukuthi ukube ukhetho aluzange lwenziwe umkhonyovu, ngabe iMK iphumelele esikhundleni sokutholela isithathu ngamavoti amaningi.
UNdhlela uthi bacela amavoti amasha.
“Kube namavoti atholakale enkundleni, emanzini nasezindaweni ezithile, obekungajwayelekile. Kukhombisa ngokusobala ukuthi ukubalwa kabusha bekungeke kuveze imiphumela yangempela.”