Uhlelo olusiza abafundi ngezimali, iNSFAS, lunxuse abanikazi bezindlu abasakweletwa ukuthi bangaxoshi abafundi. Kuthenjiswe ukuthi zonke izimangalo ezisebenzayo zizoxazululwa ezinsukwini eziyi-10 ezizayo.
Lokhu ngemuva kokuthi uMphathi walolu hlelo, uFreeman Nomvalo exoxisane nabanikazi bezindlu abazwakalise ukukhathazeka ngokukhokhelwa kwezibonelelo zokuhlala zabafundi.
Okhulumela iNSFAS, u-Ishmael Mnisi, uthe isamba semali yesibonelelo sokulala senziwe ekuqaleni kwale nyanga.
“Lezi zinhlelo zokungenelela kuhloswe ngazo ukuhlinzeka usizo oludingeka kakhulu kubanikazi bezindawo zokuhlala ezizimele. Abanikazi bezindawo abangazilethanga izicelo zabo zokukhokhelwa imali engakakhokhelwa basakhuthazwa ukuba badlulisele imibuzo yabo.
“I-NSFAS iphinda inxusa bonke abafundi basekolishi le-T-vet ukuthi bathumele ama-akhawunti abo asebhange ku-NSFAS portal ukugwema ukubambezeleka kokukhokhwa kwezibonelelo zabo.”