ISouth African Medical Research Council ithi ukuhlolwa kofuba kumele kuthuthukiswe ukuze kwehle isibalo sabantu abathelelekayo kuleli. Lo mkhandlu ububambe ingqungquthela yawo yesi-8 ye-TB ye-SA eThekwini kuleli sonto.
UMqondisi eHhovisi le-AIDS kanye noCwaningo lwe-TB, uFareed Abdullah uthi kugxilwe ekusheshiseni inqubekelaphambili, emzamweni wokuqeda lesi sifo.
“Ngakho-ke esike sakhuluma ngakho engqungqutheleni wukuthi sisebenzise amaX-ray edijithali okuwubuchwepheshe obusizwa ngamakhompyutha obusebenzisa i-Artificial Intelligence. izindlela zokuthola lezi zigameko ze-TB ezingekho kanye nokuzifaka ekwelashweni.”
U-Abdullah uthi bakujabulele ukubona ukwehla ngamaphesenti angama-50 kwamacala amasha uma kuqhathaniswa neminyaka eyisikhombisa edlule.
“Izizathu zalokho ukuthi abantu abaningi abane-HIV, bathola i-TB. Manje njengoba sesinabantu abadla imishanguzo ye-HIV, lokhu kwehle isibalo sabantu abane-TB kanye ne-HIV.”