I-African National Congress (ANC) ithi isihlangane okungenani namaqembu ayisithupha epolitiki ngenhloso yokusungula ohulumeni bamadlelandawonye noma uhulumeni wobumbano kuzwelonke nasezifundazweni.
Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba saleli qembu eGoli namuhla ekuseni. Kula maqembu kubalwa iDemocratic Alliance (DA), Economic Freedom Fighters (EFF), Inkatha Freedom Party (IFP), National Freedom Party (NFP) nePatriotic Alliance (PA).
Okhulumela i-ANC uMahlengi Bhengu-Motsiri uthi bafuna ukusungula uhulumeni ozobeka phambili izimfuno zabantu baseNingizimu Afrika. Kodwa-ke, uthi abakaqalisi lutho nge-MK Party kodwa basazoqhubeka nokuxhumana nabo.
“Besihlangene nazo zonke izinhlaka ezizimisele ngokufaka imibono yokuthi sihlangene kanjani siqhubekisela phambili izwe lethu. Izikhulu zibikele i-NWC ukuthi i-ANC sekukaningi ifinyelela ku-MK Party emhlanganweni wokuxoxisana ngaphandle kwempendulo enhle umnyango wethu usalokhu uvulelekile kuwo wonke amaqembu azimisele ukusebenzisana nathi ukuyisa leli lizwe phambili.”
Ividiyo: I-ANC itshela abezindaba ngemiphumela yomhlangano weKomidi eliSebenzayo likaZwelonke