Iqembu le-MK selinxuse ukuthi kwehle umoya ngemuva kokudutshulwa kwelinye lamalungu alo eCato Manor eThekwini. Umufi udutshulwe wabulawa eduze kwenkulisa lapho yena nomkakhe beshiye khona ingane yabo ngoLwesithathu.
Kuyaqondakala ukuthi ushayasibhamu ubalekile nesibhamu ebesiphethwe yilo mlisa.
Amaphoyisa athi imbangela yokuhlasela ibingakaziwa.
Okhulumela i-MK Party eKZN, uThami Mkhize, usenxuse amalungu eqembu ukuthi avumele umthetho uthathe indawo yawo.
“Lesi yisigameko sesibili endaweni eyodwa. Uma sizama [ukuhlanganisa ezimbili nambili] kuvele kusolise ukuthi kungenzeka ukuthi kunenhlese yepolitiki. Akekho umuntu okumele azithathele umthetho ezandleni.
“Asigxile kumadlelandawonye okuxoxiswana ngawo. Noma ngabe sinemibono kodwa asikho isidingo sokuthi senze lutho. Umthetho mawuthathe indawo yawo.”