UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa wesulile esikhundleni sakhe manje.
“UMnu Kodwa umazise uMengameli ukuthi uzosula njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kanye nelungu leKhabhinethi, ngemuva kokuthweswa icala ngokusemthethweni,” kusho uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko esitatimendeni.
UKodwa uvele kanye nalowo asolwa naye, owayeyisikhulu se-EOH, uJehan Mackay, eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngoLwesithathu.
Laba bobabili bathole ibheyili ka-R30,00 umuntu ngamunye.
Laba babhekene namacala enkohlakalo afinyelela ku-R1.7 million.
Kusolwa ukuthi uKodwa wathola intshontsho kuMackay kwathi inkampani yakhe yagixabezwa ngo-R400 million wezinkontileka zikahulumeni.
Ngesikhathi evela kwikhomishana yombuso, uKodwa watshela lowo owayeyiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ukuthi imali ayithola kuMackay yayiyimali ebolekiwe.