.
Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ubize umhlangano okhethekile nezinhlaka ezithintekayo kuqubuka uthuthuva kwabamatekisi eThekwini.
Lokhu kuza ngemuva kokuvalwa kwemizila ebheke ePort Shepstone nemigwaqo emikhulu eThekwini ngabamatekisi abebedinwe begane unwabo ngoLwesine nangoLwesihlanu.
Kulesi siteleka, kuvalwe imigwaqo uN3 noN2 nokuyimigwaqo emikhulu esetshenziselwa ukuphuma nokungena kulawa madolobha. Imboni yamatekisi ikhala ngokuthi uMnyango wezokuThutha ubopha izimoto zabo kanti futhi lo mnyango ubonakala uhluleka ukukhiqiza izimvume (permits) adingwa yile mboni.
Lomhlanga obizwe wumkhuzi wamaphoyisa ohlanganisa imboni yamatekisi noMnyango wezokuThutha.
Umkhuzi wamaphoyisa ubize lo mhlangano okhethekile phakathi kwazo zonke izinhlaka ezithintekayo kwezomthetho, uMnyango wezokuThutha nabemboni yamatekisi ukuze kuxazululwe izinkinga ezikhona ngaphambi kokhetho.
Kulindeleke ukuthi bonke abahlangene bakwazi ukuphuma nezinqumo ezizolekelela, kugwemeke isiteleka ikakhulukazi ngezinsuku zokhetho.