Umholi weNkatha Freedom Fighters (IFP) uVelenkosini Hlabisa uthi iqembu selikulungele ukubusa nokwakha kabusha iNingizimu Afrika.
UHlabisa ubekhuluma namakhulu abalandeli embuthanweni wokugcina weqembu obuseMhlathuze Central Sports Complex eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngeSonto.
Uveze izibopho zenhlangano zokuhlinzeka ngezidingongqangi ezingcono, ukudala amathuba emisebenzi, ukuqeda ububha kanye nokufukula intsha.
UHlabisa usamile ekutheni imigomo ye-IFP inikeza izixazululo kuzo zonke izinkinga ezithinta izwe.
“Okumele izwe lethu likuzwe wukuthi ikhona indlela yokuphuma. Kunabantu abazohola izwe nabantu baseNingizimu Afrika bavikeleke. Yilokho okusehlukanisayo kwabanye. Uma i-IFP ikhuluma, sikhuluma iqiniso. Ezinyangeni ezimbili ezedlule, selokhu sethule umqulu wethu, i-IFP ibixoxisana nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngohlelo lwethu oluqinile lokwakha kabusha iNingizimu Afrika,” usho kanje.
Ekhuluma ngesihlava sokuntuleka kwemisebenzi kwentsha, uHlabisa uveze ukuthi bazimisele ngokudala amathuba emisebenzi kwabafundi abangasebenzi nokubathuthukisa ngamakhono uma i-IFP ingena kuhulumeni ngemuva kokhetho.
“Kuyisibopho sethu ukuthi sikhiphe isibonelelo sika-R3000 kwabangasebenzi isikhathi esinqunyiwe ukuze labo asebehlome ngamakhono bangene emakethe yezemisebenzi futhi bakhulise umnotho wethu bathole umsebenzi ophusile,” usho kanje.
UHlabisa uphinde wagqamisa ukuthi uma iqembu livotelwa ukuthi lingene esikhundleni, kuzophela ukucishwa kukagesi.
“Sizoguqula umkhakha wezamandla ezweni lethu futhi sizozama ukwehlisa izindleko zikaphethiloli ngokunqamula intela ye-RAF nezinye izintela zikahulumeni entengo kaphethiloli. Sekuyisikhathi sokuthi izwe lethu lidlulele phambili ngoguquko lwamandla olulungile,” usho kanje.
Khonamanjalo, uSihlalo we-IFP’s Women Brigade, uPrincess Phumzile Buthelezi ukhulume waphikisana nemigomo eseka ukuhushulwa kwezisu nokushada kwabantu bobulili obufanayo.
UButhelezi, oyindodakazi yomsunguli we-IFP ongasekho futhi owayengumholi we-IFP, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, naye ubekhuluma nezinkulungwane zabalandeli bakhe ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wokugcina weqembu eRichards Bay enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Unxuse abalandeli ukuthi baphume ngobuningi babo bayovotela iqembu.
“Comrades ngiyethemba ukuthi senibhalisile. Sicela ningene ngezinombolo zenu nivote ngendlela ebenihambele ngayo imibuthano yethu. Sivotela yonke le migomo efana nokuhushula isisu. Simelene nemishado yabantu bobulili obufanayo. Simelene nokubulawa kwabesifazane nezingane. Sengikhathele ukuhambela la macala. Sikholwa wukuthi uhulumeni we-IFP uzoyilandela imigomo eyasungulwa ngumsunguli waleli qembu.”