UMongameli Cyril Ramaphosa usayine Umthethosivivinywa Womkhandlu Kazwelonke Wokuhlukunyezwa Kobulili Nokubulawa Kwabesifazane, kanye NoMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wophiko Lwezokushushisa Kazwelonke ube umthetho.
Lokhu njengoba uhulumeni ethembisa ukuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka kwabesifazane kuzo zonke izinhlobo zodlame olusekelwe kubulili (GBV) ezweni. URamaphosa uthi inkohlakalo kanye ne-GBV kuyinkinga enkulu ezweni.
Ekhuluma e-Union Buildings ePitoli, uRamaphosa uthe sekusungulwe i-National Strategic Plan ukusiza ukubhekana ne-GBV.
“Sifuna ukuqeda kanye udlame olubhekiswe kwabesilisa kumantombazane nabesifazane, yingakho wonke umuntu emphakathini kumele abambe iqhaza njengoba sesithuthuke kakhulu ekufezeni iNational Strategic Plan. Siphinde sabona isidingo sempendulo kazwelonke. Siyaqiniseka ukuthi lo mthetho osushaywe manje uzohlinzeka okuningi kwalokho esikudingayo futhi uzophinde uqinise imizamo kazwelonke yokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.”