UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthi ukuze izingane zaseNingizimu Afrika ziphumelele kwezemfundo, kumele zifundiswe ngolimi lwazo lwasekhaya. Uhambele umhlangano iMother Tongue-based Bilingual Education eBloemfontein ngoLwesibili.
“Yizinto okumele sibhekane nazo njengezwe uma sifuna ukwakha phezu kwentuthuko yethu eminyakeni engu-30 ezayo. Ulimi kwezemfundo luyinkinga enkulu. Izinqubomgomo zolimi zizoba ukhiye esizifundiseni izingane zethu ngolimi eziluqondayo. .”
UMotshekga uthe ukufundiswa ngolimi lwebele kungasiza futhi ekuvaleni igebe elibanzi ekufundiseni izingane zaseNingizimu Afrika kanye nontanga bazo bamazwe ngamazwe ukuze bathole incazelo.
“Uma eminyakeni eyishumi, lokhu abakufundayo bengakuqondi, ayikho indlela esizoyithola ngayo le miphumela esiyikhalelayo.
Ukuphawula kwakhe kuza njengoba ukukhathazeka sekuphakanyiswe ezinye izigungu ezilawula izikole eziphikisana nomthethosivivinywa weBasic Education Law Amendment (BELA).
Bakholelwa ukuthi kusongela izinqubomgomo zabo zolimi.
“Ngeke sikucekele phansi okusebenzayo, isiBhunu njengolimi kuleli siyasebenza, nathi sizofunda kuso,” kusho ungqongqoshe.