Iqembu leNkatha Freedom Party lithi ukuhlakazwa kukaMasipala weTheku kuzoba ngomunye wemisebenzi yokuqala ohlwini lwezinto okumele uzenze uma uqokwa ukuhola eKZN. UMnuz Thami Ntuli ongenele umkhankaso wokungena umuzi nomuzi KwaMashu ngoLwesibili.
Njengoba iNingizimu Afrika izovota esikhathini esiyisonto ncamashi, amaqembu ezepolitiki aphume kulo lonke leli enxenxa abavoti.
UNtuli ukholelwa ukuthi idolobha lidinga ubuholi obusha.
“Sichitha isikhathi esiningi siseThekwini nasezindaweni ezifana noMsunduzi ngoba yilapho iningi lababhalisele ukuvota likhona, sifuna ukuxoxa nabo ngekusasa lalesi sifundazwe ukuze i-IFP ikwazi ukulungisa isimo. izinkinga ezibhekene nabantu baseThekwini.”