U-Adv Zandile Mshololo uphothule imibuzo yakhe ngokutshela inkantolo ukuthi kungamanga ukuthi ikhasimende lakhe, uFisokuhle Ntuli, lake lafonela umculi uKelly Khumalo, owayeyisithandwa sikaSenzo Meyiwa.
UMshololo, ummeli kammangalelwa unombolo 5 ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa, usho kanje ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yasePitoli ngesikhathi ephothula imibuzo yakhe nongoti weminingwane yeselula.
Lokhu kuza ngemuva kwezingxoxo ezinzima zezinsuku ezimbili lapho uColonel Gideon Gouws ethula khona ubufakazi mayelana nemininingwane yeselula yomsolwa kuleli cala.
UMshololo uthe lokhu akushoyo ukuthathela ebufakazini bukaColonel Lambertus Steyn. Ungumhlaziyi wedatha yeselula osethathe umhlalaphansi owafakaza ngo-Agasti 2023.
“Ngibe sengithola uKelly Khumalo enenombolo ethi 082… Uthola ucingo oluvela kuNtuli Fisokuhle 073..202,” esho ecaphuna uSteyn.
“Lokhu kusho ukuthi ucingo lwathatha imizuzwana engu-110, cishe imizuzu emibili futhi lwalusembhoshongweni oseKimberley ngomhla ka-2 Agasti 2015. Futhi ucingo lwesibili kusolwa ukuthi lwenziwa mhlaka-15 Okthoba 2014. Lwathatha imizuzwana engu-98 kanti umbhoshongo wawuseLimpopo,” Kusho uMshololo.
Uqhube wabuza uGouws ukuthi ngabe lukhona yini ucingo olubhalwe ukuthi lwenziwa ngo-Agasti 2, 2015. Lolu olwatholwa nguKelly Khumalo enombolweni ethi 073..202.
Umshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi uwuphikisile lo mbuzo. Uthe uGouws akazange akuhlaziye lokho futhi akazange asisho leso sitatimende.
“Uyazi, Colonel, awukwazi ukubalekela iqiniso. Ubulokhu ufakaza ngobufakazi bezinye izinombolo. Manje, bengicela ikhono lakho futhi manje uthi akubona ubufakazi bakho. Ubaleka ngoba uyazi ukuthi akukho cingo olwashawa,” kusho uMshololo.
UGouws uthe ngeke akwazi ukufakazela isitatimende somunye umuntu.
“Akuloa iqiniso ukuthi ummangalelwa wesihlanu wafonela uKelly Khumalo. Umbuso uyazi ukuthi akulona iqiniso lelo,” kwengeza uMshololo.
Kungenelele u-Advocate Baloyi. Uthe akulungile ukuthi uMshololo enze leso siphakamiso. Umuntu ophuma kwabahlinzeka ngemisebenzi uzofakaza ngalolu daba.
IJaji uRatha Mokgoatlheng likhuze uMshololo. Uthe kuwumsebenzi wenkantolo ukunquma okuyiqiniso hhayi bobabili abammeli.
Izinombolo ezimbili ezisolwayo ngezamalungu omndeni wabasolwa
NgoLwesithathu, uMshololo utshele inkantolo ukuthi izinombolo ezimbili ezihambisana nekhasimende lakhe, uNtuli, ngezikamzala wakhe uLungisani Ndwandwe nonina ongasekho.
Ngo-Okthoba 2014, uMeyiwa wadutshulwa wabulawa emzini wentombi yakhe engumculi uKelly Khumalo eVosloorus. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunezinsolo zokuthi kugetshengwa akulungile.
Icala liyaqhubeka njengoba umbuso ucelwa ukuthi uhole izitatimende ezengeziwe ngabakwaGouws.