Selizwakalise ukungenami iningi lomacaphuna kusale ngokuphasiswa komthetho ozolinganisa wonke umuntu wakuleli ngakwezempilo owaziwa neNational Health Insurance.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ihhovisi likamengameli wakuleli limemezele ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzosayinda umthetho sivivinywa owaziwa ngele-NHI ngolweSthathu mhlaka 15 May kulonyaka. Lomthetho uzoqinisekisa ukuthi wonke umuntu wakuleli uthola usizo lwezempilo olufanayo kungabhekiwe ukuthi ngabe ungumuntu ophila kuliphi izinga ngokomnotho. Loluhlelo luzoqinisekisa ukuthi usizo olutholakal ezibhedlela nasemitholampilo kahulumenil lufana ncimishi naleyo etholakala ezibhedlela ezizimele.
PRESIDENT RAMAPHOSA TO PUBLICLY SIGN NATIONAL HEALTH INSURANCE BILL INTO LAW
— The Presidency 🇿🇦 (@PresidencyZA) May 13, 2024
President @CyrilRamaphosa will on Wednesday, 15 May 2024, publicly sign into law the National Health Insurance Bill which directs the transformation of the South Africa’s health care system to achieve…
Iningi labantu abasebenzayo nabanemishwalense yezempilo nezinkampani ezehlukene banovalo lokuthi kuzokwenzakalani ngemishwalense yabo njengoba uhulumeni engacacisi ngekusasa lezibhedlela ezizimele kanjalo nezinkampani zemishwalense yezempilo. Abanye bakhala ngokuthi kuzonyuka kakhulu intela kwabasebenzayo ukuze uhulumeni ezokwazi ukubhekana nezinselelo ezizoza nokuphasiswa kwalomthetho.
Amaqembu ezepolitiki, izinhlangano ezizimele nazo kusalindeleke ukuthi zizwakalise ilaka lazo ngalomthetho oyingqophamlando kwelakuleli.
Nakhu okunye okumele ukwazi nge-NHI:
#NHIBill All you need to know: https://t.co/NdRGmcSDKi pic.twitter.com/x0HqXYZjjI
— ATHI GELEBA 🇿🇦 (@AthiGeleba) May 13, 2024