Namuhla uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube uhambele endaweni yase Forderville Hall eEstcourt ukuyobungaza usuku lomama.
OkaNcube uthi lolusuku akulona nje elenjabulo nokubonga kuphela kodwa futhi lithuba lokucabanga ngezinselelo abesifazane ababhekene nazo esifundazweni sethu kanye nokuzinikela kwethu okuqhubekayo ekufukuleni abantu besifazane.
KwaZulu-Natal, kunezinhlelo okuhloswe ngazo ukuthuthukisa abesifazane, ukuqhakambisa igalelo labo elikhulu emphakathini nokubanikeza amathuluzi abawadingayo ukuze baphumelele.
Ngezinhlelo ezifana nezinkundla zokucobelelana ngolwazi zokuthuthukisa amakhono, ukufinyelela emathubeni amabhizinisi, kanye nezinhlelo zokuxhumana zokweseka omama.
OMama baluthokozele lolusuku kanye bezipho abaziphiwe nguNdunankulu.