Ukuqubuka kwegciwane le-respiratory syncytial virus (RSV), elisabalala ikakhulukazi ezinganeni, sekufike kuvuthondaba, ngokusho kochwepheshe bezempilo.
Osokhemisi bakuleli baqinisekise ukwenyuka okukhulu kwezinga lokutheleleka phakathi kwezingane ezingenwe umkhuhlane, ikakhulukazi i-RSV.
I-RSV ingenye yezifo ezivame kakhulu zegciwane elihlasela umgudu wokuphefumila ikakhulukazi ezinganeni. leligciwane lingaholela ekuvuvukeni kwendlela yokuphefumula namaphaphu.
Selokhu kwaqubuka umkhuhlane kanye ne-RSV, eminye imicimbi yezemidlalo yezikole yakuleli ihlehlisiwe ngenxa yenani labafundi besikole abagulayo.
Osokhemisi bathe sebebone izigameko eziningi zeRSV, Gastro (viral gastroenteritis) kanye nomkhuhlane onezimpawu zemfiva ephezulu kanti ezinye zikhombisa izimpawu zezinhlungu zesisu, ikakhulukazi kubafundi besikole.
Ngokombiko we-Weekly Respiratory Pathogens Surveillance Report weNational Institute for Communicable Diseases (NICD), okungenani amacala angu-453 e-RSV kanye nangu-98 e-SARS-CoV-2 abikwe kuleli sonto kuze kube manje.
Baphinde bahlaba umkhosi ukuthi amacala e-RSV anyuke kakhulu ngaphambi kokujwayelekile kulo nyaka.
Iningi lezingane kanye nabantu abadala abane-RSV bazoba nezimpawu ezithambile ezifana nomkhuhlane ojwayelekile futhi bazolulama evikini elilodwa kuya kwamabili.
Ezinganeni ezingaphansi konyaka owodwa ubudala, i-RSV iyimbangela evame kakhulu yokuvuvukala kwamaphaphu, njenge-bronchiolitis ne-pneumonia.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Sibongiseni Dhlomo, usephinde wanxusa abantu ukuthi bathole ukugonyelwa umkhuhlane.