UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, usenxuse abazali nezinhlangano ezizimele ukuthi basebenzisane nothisha ukuze kuliwe nokunyuka kwezibalo zokushona kwabafundi.
Ungqongqoshe, ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, ubekhuluma nabafundi basesikoleni semfundo ephakeme e-Ivory Park, eMidrand, lapho sekushone khona abafundi abane emasontweni amabili, okusolwa ukuthi bazibulele.
Amantombazane amathathu nomfana oyedwa bashone phakathi kuka-26 Ephreli no-4 Meyi.
Selokhu kuqale unyaka babalelwa ku-90 abafundi asebelahlekelwe izimpilo zabo eGauteng kuphela ngenxa yezinkinga ezahlukene. Lokhu kushiye abazali bekhathazeke kakhulu.
Ukudangala, ukukhathazeka, ingcindezi yenhlalo kanye nontanga, kanye nokuhlukunyezwa ku-inthanethi yizo zonke izici ezibangela intsha ephoqeleka ukuthi ibhekane nazo nsuku zonke – okuholela ekutheni abafundi besikole bazibulale noma bacabange ngokufa.
UMotshekga uthi impilo ihlale iza nezinselelo kodwa ukuthatha impilo yomuntu akusona isixazululo.
“Siyizwile imibiko ngokwenzeka kubafundi abane, ukukhulelwa okungahleliwe. Kufanele sibhekane nezinkinga zengqondo nezenhlalo. Njengomphakathi sidinga ukweseka izikole nezingane, kumele sihlanganise zonke izinsiza nawo wonke ama-NGO kanye namagatsha kahulumeni.
“Ngakho silapha ukuzodlulisa amazwi enduduzo, sikhulume nothisha, ubuholi nomphakathi. Sifuna ukukutshela ukuthi siyakuthanda. Ayikho into ebaluleke njengezingane zaso kunoma yisiphi isizwe,” kusho uNkk Motshekga.