Uziphika ulala ngomhlane umhlaziyi obuye abe ngumqeqeshi webhola lezinyawo kuleli uDoctor Khumalo izinsolo zokuba lilungu futhi akhankasele iqembu elibusayo i-ANC njengobs kubhekwe okhethweni.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kubonakale uKhumalo ehamba naloyo owake waba uNdunankulu waseGauteng noyingxenye yomakadebona be-ANC uMnumzane Tokyo Sexwale bezulazula kwenye yezindawo kulesiya sifundazwe benika abantu amapheshana anobuso bukaMongameli we-ANC uMnumzane Cyril Ramaphosa.
Ebuzwa abezindaba uKhumalo uthe yena akaze akhankasele ngisho elilodwa iqembu lezepolitiki,”Ngokwazi kwami, ukukhankasa ukuzama ukuguqula nokuthembisa abantu ngezethembiso zeqembu elithile, mina akusikhona lokho ebengikwenza,” kusho uKhumalo.
lokhu kudale ukukhuluma okukhulu ikakhulukazi enkundleni yokuxhumana i”X” njengoba iningi labantu lisigxekile lesi senzo salengqalabutho yomdlali kuleli. Bheka eminye imibono ngezansi:
After public backlash, Doctor Khumalo says "I'm not an ANC member ". Yesterday he was spotted wearing ANC'S regalia, yet he thinks he can fool us. Why can't he wear Orlando Pirates kit? Because he's not a Pirates fan, he can't wear it. But in politics, he thinks he's smart. In⦠pic.twitter.com/nI6RK00ULO
— Not a Peace Officer (@StHonorable) May 9, 2024
Emva kwesikhashana nje Unobhala Jikelele we-ANC uMnumzane Fikile Mbalula naye uthumele ku X isithombe esidala sikaKhumalo ngaphambi kokhetho luka 1994 esomkhankasweni wokhetho wabhala ukuthi,”Angeke nangengozi uwushintshe umlando, kusuka ngo 1994 Dr Khumalo”:
History doesnβt Have Blank Pagesπ€ππ Since 1994 Doctor " 16v" Khumalo πππππ ayijiki lento #VoteANC2024 #letsdomoretogether pic.twitter.com/Br8q0Bi2r0
— ANC SECRETARY GENERAL | Fikile Mbalula (@MbalulaFikile) May 8, 2024