UMengameli Cyril Ramaphosa usigxekile isikhangiso sokhetho se-DA esinempikiswano futhi wasichaza njengesiwukuvukela umbuso. URamaphosa ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni ihhovisi elisanda kwakhiwa loMnyango Wezasekhaya kanye namahhovisi amaloli angomahamba nendlwana ayikhulu eMokopane, eLimpopo.
Uthi amaloli angomahamba nendlwana woMnyango wezaseKhaya azosiza ukunciphisa ukugcwala kwabantu emahhovisi omnyango.
URamaphosa uthi lesi sikhangiso siwukudelela izwe. Ividiyo ye-DA yokuhlela ukhetho iveza isithombe sefulegi laseNingizimu Afrika livutha kancane kancane.
Levideo ithi ukhetho lumayelana lokusinda ekulimaleni okwenziwa ezweni yiqembu elibusayo le-African National Congress.
Ekupheleni kwevidiyo, kunesithombe esibuyisiwe sefulegi laseNingizimu Afrika esimesiqubulo seqembu le DA esith “Hlanganani ukuhlenga iNingizimu Afrika’.
URamaphosa uthi bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele babumbane balandele ifulegi laseNingizimu Afrika, njengoba abantu bafela ifulegi lesizwe.
Uthi isikhangiso se-DA asemukelekile neze, njengoba sifuna ukucekela phansi ubumbano nobuntu baseNingizimu Afrika.
“Mayelana nokushiswa kwefulegi, ngisho nasesikhangisweni sepolitiki. Lokho kuwukuvukela umbuso, ifulegi ifulegi elibomvu lezwe lethu liyisihloko esingcwele empilweni yezwe lethu. Yilelo fulegi elisihlanganisa sonke. Kuyanyanyisa ukuthi iqembu lepolitiki lingakwazi njengoba lifuna ukuziveza, lihambe liyoshisa uphawu lobumbano, uphawu lobukhona bethu njengesizwe. Futhi ngicabanga ukuthi kuwukuvukela umbuso ngoba noma ubani, ikakhulukazi inhlangano eyenza into efana naleyo ukuze kuzuzwe ipolitiki kufanele ngempela abe namahloni ngaye ngokwakhe, ngoba kuyisenzo sezombusazwe esinyanyeka kakhulu umuntu angasenza, ikakhulukazi lapho ikhankasela amavoti. Ngoba uvotela iqembu elifuna ukucekela phansi iNingizimu Afrika elifuna ukucekela phansi uphawu olusihlanganisa sonke,” kusho uRamaphosa.