Isikhangiso somkhankaso wokhetho we-DA esikhombisa ukushiswa kwefulegi laseNingizimu Afrika sichazwe njengesicasulayo nesingehli kahle.
Lesi sikhangiso, esethulwe ngeSonto, sibonisa ifulegi laseNingizimu Afrika ngemuva, elinesihloko sokuqala esithi “Lolu khetho lumayelana nokusindisa iNingizimu Africa”. Njengoba ifulegi livutha ngemuva, izwi elizwakalayo lithi: “I-ANC izolahlekelwa ngamavoti amaningi okokuqala ngqa eminyakeni engu-30 kodwa izokwenza noma yini ukuze iqhubeke nokubusa.”
Njengoba ifulegi livutha amalangabi, izwi lithi umfelandawonye we-ANC, EFF noZuma uzoholela enkohlakalweni embi kakhulu. Bheka isikhangisi ngezansi:
🚨 This election is about survival! Watch the DA's new TV advert. Your vote can stop a corrupt coalition between the ANC, the violent EFF and the Zuma faction.
— Democratic Alliance (@Our_DA) May 5, 2024
A strong DA can anchor a new caring government to create more jobs and get things done. Unite to #RescueSA. 🇿🇦#DAtvAd pic.twitter.com/2PiEcp8W2t
Abasebenzisi bezinkundla yezokuxhumana baphawule ku-X bayobabaza lesi sikhangiso bethi asehli kahle. OwayenguMvikeli woMphakathi, uProf Thuli Madonsela, uthe ukushiswa kwefulegi kwakungafanele.
“Kwamanye amazwe kuyicala ukushisa ifulegi. Ngiyiqonda ngokugcwele inhloso kodwa bekungaba nezinye izimpawu zesingathekiso ukudlulisa umyalezo. Ngeke ngikwazi ukuwubamba umuzwa obuhlungu wokuthi umklami womkhankaso kungenzeka ukuthi ufukamele intukuthelo engazi lutho ngefulegi lethu nalokho elikumelayo,” kubhala uMadonsela.
Nabannye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana bazwakalise ukungenami neze ngalesi sinzo, bheka ngezansi:
Whoever told you that burning the South African flag was a good idea should be fired. Sincerely in the USA if you did this, you would be shamed & lose a significant amount of votes if not all.
— EV_Trapper (@EV_Trapper) May 6, 2024
You never disrespect the flag because of what it stands for and those who died…