Amakhosi aKwaZulu-Natal atshele ubuholi be-ANC esifundazweni ukuthi bungazami ukuvakashela iSilo uMisuzulu kaZwelithini kuze kube kuxazululeka izinkinga abanazo noNdunankulu waso.
Lesi sinqumo sithathwe ngoLwesithathu emhlanganweni weNdlu yoMdabu nobuholi bamaKhoi-San esifundazweni ezindlini zamabhilidi esiShayamthetho esidala oLundi.
USihlalo weNdlu yoMdabu, iNkosi Sifiso Shinga uthe laba baholi bafuna kudingidwe izinto ezithile ngaphambi kokuthi ubuholi be-ANC buqale uhambo oluya kwaNongoma buyoxolisa kuSilo uMisuzulu.
UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo uthe iqembu lizocela abaholi bomdabu ukuthi babaphelezele baye kwaNongoma bayoxolisa kuSilo uMisuzulu ngesigameko sokuthi uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma ahlwithe umbhobho kuButhelezi obuye abe umholi we-IFP eZululand.
UDuma akazange amvumele ukuthi ethule iSilo.
Kodwa-ke, uMtolo uthe iqembu ngeke baxolise kuButhelezi.
I-ANC ihlele ukuvakashela iSilo ngoMsombuluko kodwa abaholi bendabuko bazivimbile izinhlelo zayo.
IPhini likaSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, iNkosi Nqayizivele Sithole uthi bafuna ukuhlangana neSilo kuqala ukuze babeke usuku lomhlangano nobuholi be-ANC.
“Sizohlangana nobuholi be-ANC esifundazweni kuqala ukuze sixoxe ngokuxolisa kwabo ngaphambi kokuthi sibayise kwiSilo,” kusho uSithole.
INkosi uSithole ithe bafuna kuxoliswe ngaphandle kwemibandela okuhlanganisa nokuxolisa kuNdunankulu ngoba waqokwa iSilo.