Uphiko loKlebe luqhube umkhankaso wokuthungatha nokushaqa emahhovisi eSafa eGoli ngoLwesihlanu. Uphiko oluphenya ubugebengu luthi ukuseshwa kwamacala kudalwe yizinsolo zokukhwabanisa nokweba imali efinyelela ku-R1.3 million ezibhekiswe kumengameli weSafa.
Lobu bugebengu kuthiwa benzeke phakathi kuka-2014 no-2018 ngesikhathi uDanny Jordaan ehola le nhlangano.
Okhulumela iSafa uKatlego Mogale uthe kusolakala ukuthi umengameli weSafa uqashe inkampani yonogada ezimele ukuze imvikele kanye nenkampani exhumana nomphakathi ngaphandle kwemvume yebhodi yeSafa.
“Umengameli naye kubikwa ukuthi wephule imithetho yeSafa okwenza ukuthi iSafa ilahlekelwe yimali engu-R1.3 million.”
“Ngesikhathi kuseshwa kushaqwe ilaptop, ama-hard drive angaphandle, i-USB kanye namaphepha,” usho kanje.