UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni eNingizimu Afrika, uPravin Gordhan uthi uzothatha umhlalaphansi ngemuva kokhetho lukazwelonke lwalo nyaka ngoMeyi 29, uGordha ubekhuluma nabephephandaba iReuters namuhla ngoLwesihlanu.
UGordhan wengamela izinhlaka zikahulumeni ezihlanganisa inkampani kagesi edonsa kanzima u-Eskom kanye nenkampani yezokuthutha iTransnet, kokubili okungenzi kahle nosekudale ukuthi kwehle umnotho wakuleli ngendlela engakaze ibonwe phambilini kuleli.
Lomakadebona owayelwa nobandlululo, usebe yingxenye yezepolitiki kuleli kusuka ngeminyaka yama yo 1960, kanti usebe yingxenye yohulumeni wakuleli kusukela kwaqala umbuso wentando yeningi eNingizimu Afrika futhi wake waba ngungqongqoshe wezeziMali.