Lowo ongenele esobuNdunankulu KwaZulu-Natal ngaphansi kweqembu i-IFP, uThami Ntuli, usonge imicimbi yokulungiselelwa kwe-manifesto yeqembu eKZN yonkana.
UNtuli ubehambele izindawo ezehlukene ezoxoxisana namalungu eqembu futhi ewanxusa ukuthi eze ngobuningi ukuzolalela umqulu wenhlangano ozokwethulwa eMoses Mabhida Stadium ngeSonto, 10 Mashi.
Lena yinkundla ebisetshenziswa yi-EFF kanye ne-ANC uma bethula i-manifesto yabo.
NgoLwesithathu, mhla ziyisi-6 kuNdasa kume yonke into erenki yamatekisi eMvoti lapho uNtuli ekhulume khona nenqwaba yamalungu eqembu njengengxenye yezinhlelo eziqhubekayo.
Ekhuluma nezihlwele uNtuli unxuse bonke abantu ukuthi baphume ngobuningi babo ngosuku lokuvota bayokwenzela uShenge.
“Umhla ka-29 Meyi yithuba lokulungisa isimo sesifundazwe, uma ukhathazekile ngezinga eliphezulu lentsha engasebenzi, izinga eliphezulu lobugebengu kanye nazo zonke ezinye izinkinga. Sidinga abantu abazimisele ukushintsha izwe ngosuku lokhetho. Yilokho i-IFP ekunika yona,” kusho uNtuli.
Uthe sesiphelile isikhathi sokuthi abantu bathengwe ngezikibha namaphasela okudla. Uxwayise abavoti ukuthi bangakhohliswa yilabo abazobanika ukudla ukuze bacele amavoti abo, kodwa bavotele into ezobasimamisa ngomuso.
“Iqembu elibusayo selibonile ukuthi abantu bayavuka manje, ngakho lizama ngazo zonke izindlela ukubanxenxa ukuthi babavotele. Uhulumeni okhona usuhlulekile abantu baseKZN manje sekusezandleni zenu ukuthi nivotele uguquko enifuna ukulibona,” kusho uNtuli.
Njengengxenye yomkhankaso wakhe, uNtuli uzovakashela eNyuvesi yaseMangosuthu ngoLwesihlanu, 8 March ukuyoxoxisana nabafundi.