Ubani owakhokha u-R800,000 ngokubulawa kukaKiernan “AKA” Forbes?
Lona ngumbuzo omkhulu amaphoyisa angakawuphenduli kulandela ukuboshwa kwabesilisa abayisikhombisa mayelana necala lokubulala uForbes nosaziwayo ongumngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane.
Abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu ekuseni lapho kwengezwe amacala amabili okushushumbisa imali emacaleni abo.
La madoda aphinde athweswe amacala okubulala amabili, ukuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanye nelokwakha itulo lokubulala.
Usomabhizinisi waseThekwini uMziwethemba Gwabeni ukhonjwa ngomunwe njengongqondongqondo ecaleni lokubulawa kuka-AKA njengoba umbuso uthi wathola imali engaphezudlwana kuka-R800,000 (R803,455.00) ukubulala lo mrepha waseNingizimu Afrika.
Umbuso uthi uGwabeni wasebenzisa ibhizinisi lakhe, iGwabs Mining, ukuthola ukheshi waphinde wayisabalalisa kuma-akhawunti asebhange abasolwa abayisithupha, okuhlanganisa nabalisa ababili abase-Eswatini.