UClatta Gumbo ongumdlwenguli ogwetshwe udilika jele ejele lase Tswane eBaviaanspoort weqe ngesikhathi behanjiswe kudokotela eMamelodi Hospital ngomsobuluko odlule.
Lesi siboshwa esiboshelwe amacala okudlwengula, ukushaya kanye nokuthumba satholakala sinamacala ngonyaka ka 2018 sabe sesigwetshwa udilikajele kubikwa ukuthi sihlule unogada wesibhedlela ngamandla samephuca isibhamu sabe sesibaleka.
Amaphoyisa acela umphakathi ukuthi uqaphele kakhulu uma kwenzeka ebonakala kuyacelwa ukuba abantu bashayele amaphoyisa aseduze nabo.