Kuqubuke izindaba ezingezinhle zokuvalwa kwe IThala Bank lapho kuvele ukuthi iPrudential Authority (PA) isoze yaqoka uMnu Johan Kruger ukuyobheka izinkinga ezikhungethe lesikhungo.
IThala ibhange elaqalwa iNkosi Mangosuthu Bhuthelezi ongasekho emhlabeni ngenhloso yokulekelela abantu kanye nosomabhizinisi abasezindaweni zasemakhaya. Lelibhange litholakala ezindaweni ezahlukene kwaZulu-Natal.
IThala lilusizo ekugqugquzeleni abantu ekongeni imali, ukudlala umshayiswano kanye nokuxhasa amabhizinisi linezinkinga ukuthola iLicence ngenxa yokungatholi ukwesekwa nguhulumeni.
USihlalo weqembu le IFP esifundazweni uMnu Thami Ntuli usola uhulumeni ngokungafuni ukuqhakambisa uphinde ugcine umlando omhule nemisebenzi emihle eyenziwa yiNkosi Mangosuthu ongasekho.
UNtuli uthi banethemba ukuthi kusekhona okungenziwa ukuhlenga lelibhange kodwa kuzodinga abaholi bakulesifundazwe yize bebukeka benezinhloso zabo kunokuba batakule lesi sikhungo.
Uphethe ngokuthi bona njengabaholi be Inkatha Freedom Party bazoqinisekisa ukuthi bavikela umlando kanye nezikhungo zoMtwana waKwaPhindangene.