Ligcine lifizekile iphupho lika Petros Ngubane onguMeya womkhandlu uMzinyathi njengoba kusayinda isivumelwano sokuthi uMasipala woMzinyathi ushintshe igama ungabe usabizwa ngoMzinyathi kodwa ubizwe ngokuthi iPrince Mangosuthu District Municipality.Lesivumelwano senzeke oLundi kwaPhindengene lapho izikhulu zikaMasipala amakhansela namakhosi ziphume ngobuningi kuzosekwa lombono.
Umasipala uMzinyathi uqale izingxoxo zokushintshwa igama loMzinyathi ngo-2020 kodwa ukuqhutshwa kwalezi zingxoxo kwaphazamiseka ngenxa yokubheduka kweCovid 19. UMntwana waKwaPhindangene udlule sezifikile kuye lezi zindaba.Inkosi yaKwaButhelezi esesihlalweni ithe bewumndeni bayavuma ukuba uMzinyathi ungaqhubeka nalezi zinhlelo.
Kanti inkosi yesizwesakwaButhelezi inkosi Zuziva Buthelezi oyidodana kamtwana wakwa Phinda ngene uthe “Sithobeke kakhulu ukuba beze lapha ekhaya siluxoxe udaba yize sebake bayithumela incwadi phambilini. Yize siye sakuveza kubona ukuthi uMntwana wayengayithandisisi into yokuthi ahlonishwe ngenxa yepolitiki abanye belwisana nalokhu kanti phela abantu bebemhlonipha ngokweqiniso bebona imisebenzi yakhe.IMangosuthu University of Technology yakwenza lokhu kwaqanjwa neminye yemigwaqo ngaye.Bekusanda kufika abanye nje lapha ekhaya beqembu lezithuthuthu befisa ukubiza iqembu labo ngoMtwana,” kusho iNkosi yakwaButhelezi.
IMeya yomkhandlu uMzinyathi Ald Petros Ngubane uthe uMntwana kuningi akwezele isizwe, akwenze eMzinyathi.
“Sibe sesihlala siyi-council yoMzinyathi savumelana nokuthi ahlonishwe Sijabulile siswele imilomo yokubonga emndenini kusuka manje siyaqhubeka nezinhlelo silandela yonke imigudu efanele. UMntwana imisebenzi yakhe iyomhlala imlandela noma esesithile kithi eMzinyathi kakukho abengasiseki uma sikwenza sivula amanzi ubebakhona, kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon eba khona yonke iminyaka esiseka. Ukumhlonipha yinto ekade sasiyifisile siyabonga ukuthi umndeni namhlanje uthi masiqhubeke wenziwe lo msebenzi,” kusho u Ngubane.