Zithi angeke wenze mehluko otheni uchatha ezizowuthola kwi sibonelelo sokuguga Izaguga kule nyanga.
ukusuka kulenyanga kaMfumfu wonke umuntu othola Isibonelelo sikahulumeni uzothola okuthe xaxa Kuna lokhu obekujwayelekile ngaphambilini. Isikhungo esibhekelela ukuholelwa kwabantu base Ningizimu Africa abantulayo okungu (Sassa) siziqinisekisile lezi zindaba.
Ingebhe isekhona kwezinye izaguga ngemumva kokuthi ngenyanga eyedlule abanye babuya belambatha inkence ingabonwa ngenxa yezinkinga zezobuchwepheshe obusetshenziswayo Uma kuholelwa. Kanti uSASSA uthembisa ukuthi zonke lezo nkinga sezilungisekile.
I Sibonelelo Sabaneminyaka enga phezu 60 bazothola R2090 bese kuthi ezingaphezu kuka 75 we minyaka bathole R2110, Kanye Nabobonke abanye Abahlomulayo kwi Sibonelelo Sika Hulumeni Bazothola ukwengezelwa ngenani elefanayo.
Kanti izinsuku okulindeleke ngazo ukuba kuqalwe ku Holwe ngazo ngumhla ka 03 October 2023 kulabo Asebekhulile, Bese kuthi Labo Abaphila Nokukhubazeka bona bayithole ngo 04 October 2023 bese kuthi ngo Mhlaka 05October kube ngabahola isibonelelo sabantwana kanye nezinye Izibonelelo zikahulumeni.
Sibe sesifakana imilomo nezinye zezaguga ukuzwa uvo lwazo, Kanti bakhala bayazithulisa ngentengo yokuphila kuleli njengoba ikhula Mihla Namalanga, Uma ngabe uqhathanisa nalolu chwabayayana.