Babalelwa ku-31 abasolwa asebebulewe ezigamekweni zokudubulana namaphoyisa KwaZulu-Natal ezinyangeni ezintathu ezedlule. Lesi sibalo sivezwe nguKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi.
Isigameko sakamuva senzeke ngoLwesithathu endaweni yaseSydenham eThekwini, nalapho abasolwa abane bashona.
Kuthiwa leli qembu belisendleleni liyogila usomabhizinisi obambe iqhaza kwezokwakha kanye nonogada bakhe.
UMkhwanazi uthi izibhamu ezitholwe endaweni yobugebengu kuleli sonto zithunyelwe ukuyohlolwa.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini ngoLwesihlanu, uthe abasolwa abaningi batholakala nezikhali ezisezingeni eliphezulu.
“Kubalulekile ukuthi ngibalule ukuthi amaphoyisa aphenye ukuze kuboshwe abasolwa futhi badluliselwe kwezobulungiswa, kodwa uma abasolwa bedubula bebhekise emaphoyiseni bese bebeka izimpilo zabo engcupheni, amaphoyisa azoziphindiselela ngamandla ukuze ahlenge izimpilo zabo nezamaphoyisa. amalungu omphakathi amsulwa.”