UNoxolo Mlambo odabuka kwaD eZakheni uzovela kumabonakude ohlelweni Giant of the City ligamenxe elesishiyagalombili namuhla kusihlwa.
Loluhlelo oludlala kumabonakude esiteshini esikuDSTV iMoja Love kusuka ligamenxe ihora lesishiyagalombili kusukela namuhla, lulandela impilo yabantu abafishane ngokwesiqu somzimba.
Lentokazi ixoxisane noThukela News iveze ukuthi isizinze kwandonga ziyaduma kodwa yakhuliswa ngugogo wayo eZakheni nokwathi uma edlula emhlabeni yabe isiyohlala eDannhauser nomndeni wayo.

UNoxolo uthi esemncane wayenesifiso sokulingisa kodwa waphinda waphelelwa nguthando ngenxa yokuthi abantu babehlekisa ngabantu abafana naye abafishane kakhulu, wabe eseba nothando lokusebenza ngemumva kumabonakude ( behind the scenes) ukuze abe yingxenye yokukhiqiza izinhlelo ezizovezela abantu isithombe esihle ngabantu abanjengayo.
UmaMlambo umema abantu ukuba babukele loluhlelo oselufinyelele kwisizini yesithathu ukuze bezibonele ukuthi yena nozakwabo baphila nhloboni yempilo futhi kuningi okungafundwa kubona.