UNGQONGQOSHE wezeMfundo wokuqala eNingizimu Afrika, uMnuz Sibusiso Bhengu, uzofihlwa ngoMngcwabo Oyisipesheli Osemthethweni weSigaba 2 eNyuvesi yaseZululand, KwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu ekuseni.
UBhengu udlule emhlabeni eneminyaka engu-90 elele emzini wakhe ngesonto eledlule.
Selokhu adlula emhlabeni, uBhengu uhlonishwe njengomholi oyingqalabutho owasiza ekuguquleni uhlelo lwezemfundo eNingizimu Afrika ngemuva kobandlululo.
Ingxenye yefa lakhe ihlanganisa ukuhola ekwakhiweni koMthetho Wezemfundo – othathwa kakhulu njengesisekelo somkhakha wezemfundo.
Ekhuluma esiKhumbuzweni sakhe eShowe ngoLwesine, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu uthe: “Ubenamandla okuthi uma eqala ukukhuluma nawe bekumele unake into ayishoyo futhi ubenomqondo ngaso sonke isikhathi uma ekhuluma.”