Inhlangano iBlack Business Federation (BBF) ithi iyaseseka isinqumo sikaNgqongqoshe omusha wezeMisebenzi yoMphakathi sokumenyezelwa kokuphela kwezingxoxo nezihonga zezinkontileka kuleli.
I-BBF, indikimba eyisambulela yezithangami zamabhizinisi eNingizimu Afrika isanda kuveza ukuthi umbono kaNgqongqoshe uMartin Meyer ngodaba lwamaqembu ezihonga endimeni yezokwakha uhambisana nezimiso zawo njengenhlangano ezibophezele ekuziphatheni okuhle kwebhizinisi kanye nokufukula umnotho.
UMeyer uthe uhlela ukusungula ithimba elizolwa neqembu lezihonga esifundazweni, elicekela phansi amaphrojekthi engqalasizinda azimele nekahulumeni ezweni lonke, okuholele ekutheni kumiswe imisebenzi eminingi yengqalasizinda.
I-BBF ithe isikhundla sikaMeyer sihambisana nempi yomfelandawonye yamathuba ezomnotho okwabelwana ngawo, okuzokwenza amabhizinisi abamnyama athole ithuba lokubamba iqhaza.
“Siyinhlangano simagange ukusebenzisana noNgqongqoshe nohulumeni ukulwa nesihlava sokuntuleka kwemisebenzi eKZN naseNingizimu Afrika yonkana.
“Sixhumana nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni esifundazweni sonke saKwaZulu-Natal njengoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezeMvelo (EDTEA) futhi sizoxhumana nondunankulu omusha waKwaZulu-Natal ukuze anikeze ukwesekwa ekugqugquzeleni i-ajenda yezamabhizinisi, ikakhulukazi emiphakathini yabamnyama, nokudingida ngomphumela wokucekelwa phansi kwengqalasizinda ngenxa yezikhukhula,” kusho isitatimende se-BBF.
I-BBF ithe ifuna ukusho ngokungananazi ukuma kwayo ngokumelene nanoma yikuphi ukuhlangana neqembu eliphikisayo lezokwakha futhi iphinde yagcizelela ukuzibophezela kwayo ezenzweni zebhizinisi ezisemthethweni nezisobala.
Umfelandawonye uthe uphinde wakugcizelela umbono wawo ngesikhathi kunezingxoxo zakamuva nababalulekile okubalwa nowayenguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMnuz Sihle Zikalala, iDurban Chamber of Commerce and Industry kanye nabanye ababambiqhaza bamasu.