Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES
Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UVULELWE ICALA UMLISA OZIVULELE I-ZCC YAKHE “YOMKOKOTELO”

Posted on 24 June 2025

Ibandla iZion Christian Church (ZCC) lithathela uMichael Kgotso Serepo izinyathelo zomthetho ngokwephula umyalelo wenkantolo owawumnqabela ukusebenzisa igama, izimpawu kanye nomfaniswano webandla.

USerepo, owaziqamba kabusha ngokuthi uMaditobane Barnabas Lekganyane, wasungula iqembu elahlubuka elibizwa ngokuthi iZion Creationist Church. Uqhubekile nokuzibonakalisa njengengxenye ye-ZCC yangempela futhi kuthiwa waqamba amanga wathi uyindodana kaMbhishobhi u-Barnabas Edward Lekganyane.

NgoJuni 2024, iNkantolo eNkulu yasePitoli yayalela uSerepo nabalandeli bakhe ukuthi bayeke ukusebenzisa umazisi we-ZCC. Inkantolo iphinde yayalela uMnyango wezaseKhaya ukuthi usule umazisi kaSerepo, owatholwa ngomgunyathi kusetshenziswa isibongo sakwaLekganyane.

Naphezu kwalezi zinqumo, uSerepo uqhubekile nokusebenzisa izimpawu ze-ZCC nokwabelana ngolwazi oludukisayo ku-inthanethi. Ikhasi lakhe le-Facebook likhuthaza isonto lakhe njengelisekelwe “esikweni namasiko,” kuyilapho amalungu egqoka umfaniswano we-ZCC futhi alandele izimfundiso ezifanayo.

Ngokusho kokhulumela i-ZCC uMoatshe Ngoepe, ngisho noma isikhulu senkantolo sizama ukuhambisa lo myalelo esontweni likaSerepo ngomhlaka-1 Juni 2025, amalungu awavala.

Khathesi, iZCC isilaye amagqwetha ayo ukuthi abuyele emthethwandaba ukuze aqinise lowo myalelo njalo avikele ubunjalo bawo ukuthi bungasetshenziswa kubi.

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Recent Posts

  • UNHLAMULO NDLELA UNIKEZE USHIVHAMBU AMAHORA ANGU-24 NGOKUMBIZA NGOMHUQA WEZIDAKAMIZWA
  • UHLONGOZA IMASHI UMPHAKATHI WASESAHLUMBE EMVA KOKUBULAWA KOMLISA OKUTHIWA UDUTSHULWE NGAMAPHOYISA
  • INYUNYANA IFUNA KUGWENYWE UKUNUKUBEZWA NGOKOCANSI KWAPHOYISA ASEYIZIMFUNDAMAKHWELA EMBUTHWENI
  • ISHAYISA AMAKHALA EYOKUNIKEZWA KUKUSBALI KAMASHATILE ESOKWENGAMELA INATIONAL LOTTERY
  • KUBANJWE INKUNZI ISITOLO SASE-ACKERMANS ENXANXATHELENI YEZITOLO EZAKHENI

Recent Comments

  1. Mphikiseni on KUTHOLAKALE ABOKUFIKA ABANGENAMAPHEPHA ABANGU-90 BEHLALA ENDLINI EYODWA
  2. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  3. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  4. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

UTHUKELA  FMUTHUKELA FM
Listen on myTuner radio!
    ©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme