Basale bekhungathekile abasebenzi basesitolo sakwa-Ackermans enxanxatheleni yezitolo Ezakheni Plaza ngesikhathi kugasela iqulu lamadoda angaziwa namuhla ekuseni namuhla.
Lamadoda okuthiwa abehlome eyizingovolo, afike alalisa phansi abantu maqede afuna ngodli imali. Kuthiwa lamadoda ashaye achitha nesamba semali engadalulwanga kanye nendathane yamafoni.
Bekungakaboshwa muntu njengamanje kodwa amaphoyisa aseZakheni asaphenya.