Sekube nokwesaba kubazali ngemuva kwemibiko yokutholakala kwabantwana abaneminyaka elinganisewa kweyisithupha nelishumi nane ebhasini ebelisuka eMidrand liya eKimberly ngoLwesibili.
Kuzokhumbuleka ukuthi emavikini adlule kubikwe ngabantwana abebegcwele ama bhasi besuswa eZimbabwe bengeniswa kuleli kanti nezinga lokwebiwa kuphinde kubulawe kwabantwana liphezulu muva nje.
Ukutholakala kwalabantwana kuze ngemva kokuba omunye wabagibeli waba nezinsolo ngokugibela nabantwana abaningi abebebukeka bethukile futhi bengakhulumi wabe esebikela amaphoyisa ibhasi labe selivinjwa eKimberly nalapho kutholakale khona labantwana abebengenawo namaphepha afanele njengoba kukholakala ukuthi badabuka kwelase Zimbabwe.
Okhulumela ama HAWKS uMnu Tebogo Thebe uthi bayazi ngaloludaba bathola nezingcingo ezahlukene kubantu abazichaza njengabazali babantwana okusavelile ukuthi labantwana bebelethe izikhiye kubazali babo abahlala la eSouth Africa , sekungumsebenzi wabo ukuthi baphenye ukuze bezothola ukuthi lokhu kuliqiniso kangakanani.
Abantwana bagcinwe endaweni ephaphile kanti kube sekuboshwa izithandani ezineminyaka engu 41-46 ngaloludaba.