Uthukuthela uthelwa ngamanzi usomabhizinisi wase Illing road edolobheni uMnambithi uMnuz Salim wesitolo i-Ladysmith Hardware.
Losomabhizinisi usola abasebenzi bomkhandlu uThukela ngobuvila nobunuku ngoba uthi sekuzophela isonto lesine manje kwaqhuma isitamkoko, wabika kodwa akekho noyedwa owake wazobheka.
UMnuz Salim uthi Indle isize yangena ngaphakathi estolo kanti kuhlala izinto ezibucayi njengama Bhaluko amaPulanga nokunye okungazwani namanzi
Ucela osopolitiki ukuthi banze isiqiniseko sokuthi bayayigada into ethinta ingqalasizinda yomphathathi. Uphinde waveza ukuthi kubuhlungu ukunukelwa Indle futhi uyazwelana nabantu abakhala isililo esifana nesakhe wabacela ukuthi bezolungisa masinyane kungaze kube nomonakalo omkhulu.
Kanti okhulumela umkhandlu uThukela u Nothile Zwane uthi bazothumela ithimba liyolungisa kungaze kube nomonakalo omkhulu.
Kohlala kunje ngoba Uma abanye bekhuza umhlolo abawubonayo kunabanye abaphikisana nalokho bathi alikho okungalungile kulokho yilungelo laBo Abantu sinesizwe esididekile yilamalungelo
Kudingeka ama workshop omphakathi a strong Kuno kungaqondi kwabantu no Hulumemi ugcina esedideka ukuthi enzenjani