Ugqemeke engeqiwa ntwala umndeni wakwaNyathi eSonyongwane, eMzimkhulu, ngemuva kokushona kukababa uMnuz Bhekithemba Nyathi (64) ebona isidumbu sendodana yakhe uMnuz Swelihle Nyathi (27) obezongcwatshwa.
USwelihle obesebenza njengonogada eFree State ugwazwe washona ngesikhathi exabana nomngani wakhe. Imininingwane yengxabano ayikacaci. Uyise, inhliziyo yakhe ibe buhlungu ngokushonelwa yindodana yakhe, waze waba nengcindezi kakhulu, ezwakalisa kaningi usizi lwakhe ngokufa kabuhlungu kwendodana yakhe esanda kukhokha ilobolo.
Ilungu lomndeni uNksz Nomaswazi Khumalo, udadewabo omncane kaBhekithemba oshonile, uchaze lesi simo njengesibuhlungu kakhulu. “Besisakhala ngokulahlekelwa yindodana yethu, besingazi ukuthi uyise uzoyilandela maduze, izinhliziyo zethu zibuhlungu futhi zibuhlungu kakhulu,” usho kanje.
Ulandisa ngesikhathi uMnumzana Nyathi esho ngesililo ebona ibhokisi lendodana yakhe lingena endlini. “Ubungafunga ukuthi bekukhala owesifazane. Besingazi ukuthi bekuyisikhalo sakhe sokugcina,” engeza.
Ngemva kokufika kwesidumbu uMnu Nyathi udlule emhlabeni kungakapheli mizuzu mingaki efikile. Yize kunjalo kodwa umndeni uqhubekile nomngcwabo kaSwelihle ngeSonto kanti manje ulungiselela omunye futhi umngcwabo. “Angikaze ngiyibone into enje,” kusho uNkk Khumalo ecabanga ngochungechunge lwezigameko ezibuhlungu.
Umdeni usola ukuthi ukushona kukaMnu. Nyathi ngokuzuma kungenzeka kubangelwa yimicabango yomkakhe owashona engozini yemoto ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Kwame kwabuhlunge okwehlele umndeni engathi bangaduduzeka