Ukhala ngokushoda kwamanzi umphakathi waku Ward 25 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma. Lomphakathi, ubunomhlangano nemeya kamaspala Uthukela District Ikhansela Inkosi NB Shabalala namuhlanje, nalapho imeya ibizolalela izikhalo zalo mphakathi ikakhulukazi ezithinta ukulethwa kwamanzi.
Phakathi kwezinto lomphakathi okhala ngazo kubalwa ukungaphumi kwamanzi ezimpompini isikhathi eside kulendawo. Bacele uMaspala ukuthi okungenani amanzi aphume noma kathathu ngeviki. Elinye ilunga lomphakathi licele ukuthi uMaspala ubandisele amathangi ukuze uzokwenela wonke umphakathi,”Sicela ubaba uMeya esengezele amathangi ethi ukuthi xaxa ngoba lawa amabili akhona ayehluleka ukusihlinzeka sonke senele. Size siphoqeleke ukuthi sikhe amanzi ebusuku singabantu besifazane ngoba uma uku wawayeka ngeke usawathola. lokhu kubeka izimpilo zethu engcupheni ngoba nezwe selonakala nje.” Kuchaza lesi sakhamuzi.
Imeya Inkosi NB Shabalala uthe bayazizwa zonke izikhalo zabo futhi bazozithathela phezulu. ” Siyazizwa izikhalo zenu, futhi asikushayele ihlombe ukuthi nithathe lesi sinqumo sokuthi nisibize sizolalela izikhalo zenu. Ihhovisi leMeya lingelenu, anidingi ukubekisa noma ukucela uma nifuna ukuzobona iMeya, uvele uze nje bese uyasizakala. Udaba lokwandiswa kwezimpompi sizolifakela izibuko, sizobheka ukuthi uma sizandisa angeke yini kuphazamise kumthamo lapho amanzi esuka khona. Akufanele ukuthi sithi silungisa la bese kuba khona abanye futhi abangawatholi.” Kuchaza INkosi UShabalala.
Umshengu uphinde wathembisa ukuthi bazozama ukuwandisa amathangi lomphakathi okhala ngawo ukuthi mancane awawenele lomphakathi.