Umculi womculo wesiVenda uPenny Penny kulindeleke ukuthi ajoyine uBrian Molefe kanye noLucky Montana njengabamele iQembu loMkhonto weSizwe (MK) ePhalamende ezinsukwini ezizayo.
USotswebhu weqembu ePhalamende uSihle Ngubane utshele abe-Eyewitness News ukuthi laba bobathathu bazojoyinwa nguSiyabonga Gama.
Uthi iqembu liphothula izidingo zokuphatha ukuze kuvuleke indlela yokuthi laba abane bafungiswe
Laba bobathathu bangabaphathi abaphoxekile bonke abasolwa ngokusiza i-state capture.
Khonamanjalo, lo mculi ushiye phansi i-African National Congress (ANC) njengoba kuyiwa okhethweni. Ukhale ngokungaphathwa kahle kunhlangano yakudala yenkululeko.
UNgubane usivikele isizathu seqembu lakhe ngokuletha laba abane ePhalamende.
“Ukuthi uma i-white monopoly capital ilahla ubungcweti babantu bakithi, thina siyoke sihambe siyobathatha noma yikuphi lapho bekhona emgqonyeni, sibahlanze, sibageze bese sibabuyisela esigxotsheni.
‘Awukho ulahliwe (olahlwayo) ngokwesiko lethu, ngisho emndenini wakho ungawenza amaphutha amaningi kodwa abazali bakho abasoze bakulahla njengengane yabo,” kusho uNgubane.